Jump to content

Ilungu:Sifiso MaAphula Ngema

Livela

U-Sifiso MaAphula Ngema incwasimende yensizwa edabuka eGingindlovu esigodini sakwaVekeza enyakatho nesifunda sakwazulu natali(wazalwa mhlaka 07 february), elinye igama lakhe lesilungu u-Clifford akaliqanjwa uyise wakhe ongasekho. U-Sifiso MaAphula lo wazalelwa ensingweni khona endaweni yaseGingindlovu kanti ikhaya lakubo elikhulu liseMhlathuzane eShowe. Esemncane ukhule elusa izinkomo zakubo ngeminyaka yo 1989 kwazise bekufuyiwe kwaNgema. Emabangeni aphansi wafunda eNyezane primary school kusukela ngonyaka ka-1990 waphothula ngoka-1996, waqhubekela eNgwenya secondary kusukela ngo-1997 kuya ku-2002, kantike emva kokuthi eseqede umatikuletsheni ngempumelelo wasebenzela izinkaphani eziningi okubalwa kuzona Elangeni company ngo-2004 wasuka lapho wasebenza kuMlalazi municipality kusukela ngo-2004 usuyophela kwaze kwaba u-2007 nalaphoke wabe eseyosebenza kwaMr fertilizer nakwaJHJ electrical khona belu eGingindlovu. Kamumva wabe eselibhekisa ethekwini nalapho akafike wasebenzela inkaphani eyaziwa ngoZiphi Nkomo group1, Prolabour solutions, servest group nakwaDurpro workforce. Khonamanjalo wafundela izifundo ze-Computer e-Omni College ngo-2011 kanti ngokokuzinza ukhona maphakathi netheku.